CALLIE UMSWENYA KAKHISIMUSI
Kwake kwathi ngesinye isikhathi, endaweni ethiwa yiBetlehema, kwakukhona umswenya ogamalakhe kungu Callie. Wayengumswenya olungile owayezama ngamandla akhe onke ukungazifaki enkathazweni. Lokhu kwakungelula kuye, kodwa nokho, kwakwenzeka enze izincumo ezingalungi.
Ngolunye usuku esacinga ukudla azokudla, umswenya lo omncane wancuma ukuthi uzogibela phesulu entabeni. Uma esefikile phezulu, wabona ukuthi kukhona umgede owayezungeswe ngamadwala. UCallie wakuthokozela ukubona lokhu. Wayengazo noma kuyicebo elihle ukugibela kulomgede omnyama, kodwa wachubeka wangena.
Esenginile ngaphakathi emgedeni,Callie wacala ukuzwa amakhaza. Wesaba kakhulu ngoba wayengazange abe sendaweni emnyama nenomzwangedwa phambilini. Masinyane, wabona kuncono aphindele emuva. Ngeshwa, umswenya lo wawa phakathi emadwaleni wangaboni indlela ephumayo. Wayegucukele ngakwesokhohlo noma esokunene? UCallie wayengazi!
Eselahlekile emgedeni okwakuyisikhathi eside, uCallie wabona ukuthi kasoze akhona ukuphumela phandle. Wayelahlekile ebumnyameni wayesethi, “Ngifisa ukuba ngabe angizange ngingene kulona mgede”UCallie wesaba ngoba engasi ukuthi kumele nenze njani manje.
Wayeseduze nokulahla ithemba ngoba ecabanga ukuthi wayengekho ozomthola. Kuwo lowo mzuzu, wezwa umsindo wembhongolo. Inkomo, Kanye nesiklabhu. Lemisindo yamenza wathokosa wazizwa engeyedwa.
Kwakubanda kunomoya, ubusuku basebusika eBetlehema kungakho abelusi babekhethe ukuletha izilwane phakathi emgedeni zizolala. Kwathi amadoda esengenile namakhandlela abo, Callie wabona ukuthi umgede lo mukhulu kakhulu. Ekamelweni elikhulu, amado ayesakha incwaba yomhlanga ukuba izilwane zilale khona zisofudumala. Njengezinye izilwane, umswenya lo walala kakhulu emva kosuku olude. Masinyane nje wonke owayekhona walala ubuthongo obukhulu.
Ekuseni abelusi bavusa izilwane baphuma msinyane emgedeni. Kwathi ngesikhathi uCallie evuka, kwakukuyisikhathi eside behambile. Izilwane nabelusi baphuma ngesikhathi ukuze bathokozele ilanga lasekuseni. “Ngizokwenze njani manje?” wazibuza uCallie. Wazwa kungathi uzophila impilo yakhe yonke phakathi kulendawo.
Masinyane amadoda aphindela khona emgedeni ukuzokhoselisa izilwane zawo ziphephe ebusuku bobusika. UCallie wazizwa encono ngokuba kwabakhona abanye emgedeni kanye naye, nokho wakhala azi kahle ukuthi akanokwazi ukuphinde aphumekulomgede. Noma izilwane zazikhona kanye naye, iznyawo zakhe zazizimfisha kakhulu ukuba zingalandela lamadoda kanye nezilwane ukuphuma kulobu bumnyama.
Esazizwela ubuhlunge ngesimo sakhe, okunye okwehlukile kwenzeka. Indoda ethile ogama layo nguJosefa yangena kulomgede. Wayelungisa umbhede ngomhlanga, engenzeli isilwane. Umbhedelo wayengowomfazi wakhe, uMariya, owayedinga ukulala kuwo kuze athole ingane.
Umswenya lo wabheka ngokuthokoza uMariya ephethe ingane yakhe yomfana owayebizwa ngokuthi uJesu. Lengane yayizungezwe ukukhanya nothando. Uma uCallie ebheka uJesu, akabanga nomzwangedwa nokwesaba njengaphambilini.
Kubo lobo busuku, abanye abelusi bangena emgedeni bacala ukuhlabela izingoma behlabelela umntwana uJesu. Umgede owawukade umnyama, wayesegcwele ukukhanya okwenza wonke muntu wazizwa enokuthula nentokozo. Masinya, amadoda ayizazi amathathu, abekade alandela inkanyezi ekhanya kakhulu, eza ukupha izipho zikaKhisimusi kumntwana uJesu. Bamupha igolide, namakha nenhlaka.
UCallie wamangala ngalengane eletha intokozo kubo bonke abeza ukuzoyivakashela. Noko wayesekhathazeka naye ukuthi akanaso isipho angapha ingane ewuJesu sona. Wasecabanga, " Ngingumswenya unomzwangedwa olahlekile emgedeni, sipho sini engingasipha lengane esiphe ukukhanya kwayo?" Wayesecabanga, wacabanga, waphinde wacabanga futhi.
"Ngiyazi!" uCallie wazitjela. Wathokoza ngalesipho ayezosipha uJesu. Wakhetha ukuzigoca yena abeyisipho sikaKhisimusi. Ngobuciko wayezenza igebhezi azozifaka kulo azenze isipho sikaKhisimusi. Sonke lesikhathi, uCallie wayecabanga ukuthi yena angazenza njani ukuthi abe yisipho kuJesu.
Ngemuva kwesikhashana, uCallie waphuma egebezini. Kulapho-ke abona isimanga sikaKhisimusi. Abange asaba ngumsenya onomzwangedwa owayevaleleke emgedeni. Wayengozalwe kabusha, uvivane olunezimpiko ezinhle ukufanana nenhliziyo.
UCallie esandiza aphuma ebumnyameni engena ekukhanyeni, ubuso bakhe bamamatheka. Waye azi ukuthi wenze insincumo esiyiso nokuthi uJesu wayethokoza ngalesipho. Kungakho sonke isikhathi uma uvivane lundiza, sikhumbula ukuthi kumele sinike uJesu izinhliziyo zethu.
Iyaphela